Ibambe Ngako: Grade 7 – 9781920605582

R72.85

Le ncwadi iveza ububi bokugcina imfihlo emndenini njengoba uThabani wayengakaze ayithi vu eyokuthi unengane ayithola ngaphambi kokuba ashadelwe. Iphinde igcizelele ngokubaluleka kwamalungelo ezingane njengoba uMondli wayekade engamazi uyise kwaze kwangenelela ezomthetho.

3 in stock

SKU: 9781920605582 Category:

Description

lwezincwadi ezihlelelwe amabanga 7, 8 no 9. Zintathu izincwadi kulelo nalelo banga: Incwadi yoMfundi, incwadi Yokufunda nencwadi kaThisha. Zontathu lezi zincwadi zibhalwe zahambisana nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola (CAPS). Nakuba lezi kuyizincwadi zolimi, kepha zibhalwe ngendlela yokuba zisabalalele nakwezinye izifundo nemikhakha eyehlukene ethinta impilo yomfundi. Ngaleyo ndlela umfundi akagcini nje ngokuzuza amakhono olimi kodwa uzuza namanye amakhono amaningi ayomenza ukuba akwazi ukuziphilisa futhi aphilisane kahle nabanye abantu. Kuningi othisha nabo abazokuzuza kweyabo. Bafakelwe konke okufanele bakwazi ngenqubo mgomo yesiTatimende sikaZwelonke yokuFunda nokuHlola (CAPS). Ukuhlola kufakiwe, amarubhrikhi okumaka nesibonelo sokurekhoda nokubika ngentuthuko yomfundi. Kukhona ngisho nohlelo lomsebenzi wonyaka wonke (Work Schedule) nesibonelo sokulungiselela isifundo (Lesson Plan), esihambisana nohlaka uthisha angalusebenzisa esenza amalungiselelo esifundo. Uthisha lapha angasilandela lesi sibonelo noma azenzele naye ngamanye amaphuzu uma ebona.

Additional information

Weight 0.5 kg
Dimensions 15 × 148 × 210 mm
Brand

Buyi Chill

Reviews

There are no reviews yet.

Only logged in customers who have purchased this product may leave a review.

Recently Viewed Products